U-Isaya 43:1-5

U-Isaya 43:1-5 CZB24

Kepha manje, isho kanje iNkosi, uMdali wakho, O Jakobe, noMbumbi wakho, O Israyeli: Ungesabi, ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami. Uma udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; uma udabula emlilweni, awuyikusha; nelangabi aliyikukuvutha. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; nginikele iGibithe libe yisihlengo sakho, iTopiya neSheba esikhundleni sakho. Njengoba wawuyigugu emehlweni ami, wawuhloniphekile, futhi mina ngikuthanda; ngalokho ngiyakuninika abantu nokuphila. Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ngiyakuletha inzalo yakho empumalanga, ngikubuthe ngasentshonalanga

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 43:1-5