Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza. Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami. Ngakho niyakukha amanzi ngokuthokoza emithonjeni yensindiso. Ngalolo suku niyakuthi: Dumisani uJehova, nibize igama lakhe, nimemezele izenzo zakhe phakathi kwezizwe, nisho ukuthi igama lakhe liphakeme. Hlabelelani inkazimulo kaJehova; ngoba wenzile izinto ezinhle kakhulu; kuyaziwa emhlabeni wonke. Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.
Funda U-Isaya 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 12:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo