Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza. UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.” Niyokukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso. Ngalolo lusuku niyothi: “Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, nazise phakathi kwezizwe izenzo zakhe, nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme. Hlabelelani izindumiso kuSimakade, ngokuba wenze izinto ezinkulu; lokhu makwaziwe emhlabeni wonke. Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”
Funda U-Izaya 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 12:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo