U-Izaya 12

12
Ihubo Lokubonga Ukusindiswa Kuka-Israyeli
1Ngalolo lusuku uyothi:
“Ngiyakubonga, Simakade,
ngokuba ubungithukuthelele,
kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.
2UNkulunkulu uyinsindiso yami;
ngiyakumethemba, angiyukwesaba,
ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami
nezikhwepha zami;
uyinsindiso yami.”
3Niyokukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.
4Ngalolo lusuku niyothi:
“Bongani uSimakade,
nibize igama lakhe,
nazise phakathi kwezizwe izenzo zakhe,
nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.
5Hlabelelani izindumiso kuSimakade,
ngokuba wenze izinto ezinkulu;
lokhu makwaziwe emhlabeni wonke.
6Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni,
ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli
phakathi kwenu.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo