UGenesise 40:1-4

UGenesise 40:1-4 CZB24

Emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nombhaki bakhubekisa inkosi yabo, inkosi yaseGibithe. UFaro wazithukuthelela izinceku zakhe ezimbili, induna yabaphathizitsha nenduna yababhaki. Wabafaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, etilongweni, indawo lapho uJosefa ayeboshwe khona. Induna yemilindankosi yamyala uJosefa, wabasebenzela; bahlala esitokisini isikhathi.