UGenesise 40:1-4
UGenesise 40:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kwalezo zinto umphathindebe wenkosi yaseGibhithe nombhakizinkwa bona enkosini yabo, inkosi yaseGibhithe. UFaro wazithukuthelela zombili lezi zikhulu, induna yabaphathindebe nenduna yababhakizinkwa. Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa. Induna yabalindi benkosi yamqoka uJosefa ukuba azibheke, nokuba abhekane nezidingo zazo, kwaba yisikhashana zivalelwe.
UGenesise 40:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe. UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa. Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindankosi etilongweni, indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa. Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana.
UGenesise 40:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nombhaki bakhubekisa inkosi yabo, inkosi yaseGibithe. UFaro wazithukuthelela izinceku zakhe ezimbili, induna yabaphathizitsha nenduna yababhaki. Wabafaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, etilongweni, indawo lapho uJosefa ayeboshwe khona. Induna yemilindankosi yamyala uJosefa, wabasebenzela; bahlala esitokisini isikhathi.