IGenesisi 40

40
Amaphupho Omphathindebe Nombhakizinkwa
UJosefa Uchaza Amaphupho
1 Emveni kwalezo zinto umphathindebe wenkosi yaseGibhithe nombhakizinkwa bona enkosini yabo, inkosi yaseGibhithe. 2UFaro wazithukuthelela zombili lezi zikhulu, induna yabaphathindebe nenduna yababhakizinkwa. 3 Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa. 4Induna yabalindi benkosi yamqoka uJosefa ukuba azibheke, nokuba abhekane nezidingo zazo, kwaba yisikhashana zivalelwe. 5Ngobunye ubusuku bobabili, umphathindebe nombhakizinkwa benkosi yaseGibhithe, ababevalelwe ejele, yilowo nalowo waphupha; yilelo nalelo phupho lalichaza okuthile.
6Ngakusasa ekuseni lapho uJosefa efika kubo, wabona ukuthi bakhathazekile. 7 Ngakho-ke wazibuza izinceku zikaFaro ezazinaye, zivalelwe endlini yomphathi wakhe, wathi: “Yini namuhla nibukeke nidangele na?”
8 Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.”
UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”
9Ngakho-ke induna yabaphathindebe yamtshela uJosefa iphupho layo. Yathi kuye: “Ephusheni lami bekunesihlahla somvini phambi kwami, 10emvinini kukhona amagatsha amathathu. Kwathi eqeda nje ukubumba ayeseqhakaza, kwavela amahlukuzo amagilebhisi avuthiweyo kuwo. 11Indebe kaFaro ibisesandleni sami; ngawathatha amagilebhisi ngawakhamela endebeni kaFaro, ngase ngimnika esandleni uFaro.”
12UJosefa wathi kuye: “Nansi-ke incazelo yalo: amagatsha amathathu ayizinsuku ezintathu; 13zingakapheli izinsuku ezintathu uFaro uzokuphakamisa, akubuyisele esikhundleni sakho, uzomnika indebe yakhe esandleni, njengoba wawenza ngesikhathi usengumphathindebe. 14Uze ungikhumbule uma izinto sezikuhambela kahle, ungenzele umusa, uliphathe igama lami kuFaro, ukuze ngiphume kule ndawo. 15 Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”
16Lapho induna yababhakizinkwa ibona ukuthi incazelo ibe yinhle, yathi kuJosefa: “Nami ephusheni lami bekunamaqoma amathathu ezinkwa ezimhlophe ekhanda lami. 17Eqomeni elingaphezulu bekukhona yonke inhlobo yokudla kukaFaro, kodwa izinyoni bezikudla kuleli qoma ebelisekhanda lami.”
18UJosefa waphendula wathi: “Nansi incazelo yalo: amaqoma amathathu ayizinsuku ezintathu; 19ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”
20 Kwathi ngosuku lwesithathu, okwakulusuku lokuzalwa kukaFaro, uFaro wenzela zonke izinceku zakhe idili. Waphakamisa phambi kwazo izikhulu zakhe, induna yabaphathindebe, nenduna yababhakizinkwa. 21 Wayibuyisela induna yabaphathindebe esikhundleni sayo, yabuye yanika uFaro indebe esandleni, 22 kodwa induna yababhakizinkwa wayiphanyeka, njengoba uJosefa ayebachazele amaphupho abo. 23Nokho induna yabaphathindebe ayimkhumbulanga uJosefa; yamkhohlwa.

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 40: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume