UGenesise 40:1-4

UGenesise 40:1-4 ZUL59

Kwathi emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe. UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa. Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindankosi etilongweni, indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa. Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana.