UJuda wasesithi kubafowabo: Kuzasizani ukuthi sibulale umfowethu, sifihle igazi lakhe? Wozani simthengise kwabakwa-Ishmayeli, isandla sethu masingabi phezu kwakhe; ngokuba ungumfowethu nenyama yethu. Abafowabo basutha. Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamkhipha uJosefa emgodini, bakhuphula uJosefa, bathengisa ngoJosefa kuma-Ishmayeli ngamashekeli angamashumi amabili esiliva; bamyisa uJosefa eGibithe. URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengekho emthonjeni; waklebhula izingubo zakhe. Wabuyela kubafowabo, wathi: “Umntwana akasekho; mina-ke, ngiyaphi na? Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba izinyane lembuzi, bacwilisa ingubo egazini; Bayithumela ingubo enemibala, bayiyisa kuyise; yathi: “Siyitholile; yazi manje ukuthi iyisambatho sendodana yakho noma qha. Wase ekwazi, wathi: “Le ingubo yendodana yami; isilo esibi samudla; Ngokungangabazeki, uJosefa wadwengulwa. UJakobe waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yesaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi. Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukumduduza; kepha wala ukududuzwa; wathi: “Ngokuba ngiyakwehlela endaweni yabafileyo ngilila indodana yami.” Ngakho uyise wamkhalela. AbakwaMidiyani bamthengisa eGibithe kuPotifari, isikhulu sikaFaro, induna yabalindi.
Funda UGenesise 37
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 37:26-36
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo