Wayesethi uJuda kubafowabo: “Kuyakusizani, uma simbulala umfowethu, sifihle igazi lakhe, na? Wozani sithengise ngaye kwabakwa-Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela. Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamdonsa uJosefa, bamkhuphula emgodini, bathengisa ngoJosefa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili zesiliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe. URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini; waklebhula izingubo zakhe. Wayesebuyela kubafowabo, ethi: “Akasekho umntwana; mina-ke ngizakushonaphi na?” Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini. Bathumela leyo ngubo enemikhono emide, bayiyisa kuyise, bathi: “Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini, noma akusiyo na?” Wayibona, wathi: “Yiyo ingubo yendodana yami; isilwane esibi simdlile; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.” UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi. Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke. AbakwaMidiyani bathengisa ngaye eGibithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi bakhe.
Funda UGenesise 37
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 37:26-36
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo