UJuda wathi kubafowabo: “Siyozuzani ngokubulala umfowethu, bese sifihla igazi lakhe na? Asimthengisele abakwa-Ishmayeli engenamyocu, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela. Kwathi lapho kwedlula abahwebi bakwaMidiyani, bamkhipha uJosefa emgodini, bamthengisa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu zesiliva ezingama-20, ababe sebemthatha bahamba, baya naye eGibhithe. URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe. Wabuyela kubafowabo wathi kubo: “Akasekho umfana emgodini, ngizoshonaphi mina na?” Bathatha ingubo kaJosefa ende, base behlaba impongo, bacwilisa ingubo kaJosefa egazini layo. Bayithumela ingubo ende enemibala ehlukene kuyise, bathi: “Nakhu esikutholile. Ake uhlolisise ubone ukuthi akusiyona yini ingubo yendodana yakho na?” UJakobe eyibona, wathi: “Yingubo yendodana yami le. Isilwane esibi sasendle simdlile. Simdwengulile uJosefa waba yizicucu.” UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi. Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe. AbakwaMidiyani bamthengisa uJosefa eGibhithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi.
Funda IGenesisi 37
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 37:26-36
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo