Esteri 4:12-17

Esteri 4:12-17 CZB24

Bamtshela uMoridekayi amazwi ka-Esteri. UMoridekayi wayeseyala ukuba kuphendulwe u-Esteri: “Ungacabangi ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunawo wonke amaJuda. Ngokuba uma nithula impela ngalesi sikhathi, kuyakuvela ukwandiswa nokusindiswa kwabaJuda kwenye indawo; kepha wena nendlu kayihlo niyakuchithwa; Ngubani owaziyo ukuthi ungene embusweni isikhathi esinjengalesi na? U-Esteri wayesethi kuMoridekayi: Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha. UMoridekayi wahamba, wenza njengalokho u-Esteri emyalile.

Funda Esteri 4