Bambikela uMoridekhayi ngokwakushiwo ngu-Esteri. Wayesebuyisela impendulo ngabo, ethi ku-Esteri: “Ungacabangi ukuthi ngoba wena usesigodlweni uzosinda kubo bonke abaJuda. Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.” U-Esteri wawuphendula umlayezo kaMoridekhayi, wathi: “Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.” UMoridekhayi wahamba wenza konke lokho u-Esteri ayemyale ngakho.
Funda U-Esteri 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 4:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo