U-Esteri 4:12-17
U-Esteri 4:12-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bambikela uMoridekhayi ngokwakushiwo ngu-Esteri. Wayesebuyisela impendulo ngabo, ethi ku-Esteri: “Ungacabangi ukuthi ngoba wena usesigodlweni uzosinda kubo bonke abaJuda. Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.” U-Esteri wawuphendula umlayezo kaMoridekhayi, wathi: “Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.” UMoridekhayi wahamba wenza konke lokho u-Esteri ayemyale ngakho.
U-Esteri 4:12-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bamtshela uMoridekayi amazwi ka-Esteri. Wayesesho uMoridekayi ukuba babuyisele impendulo ku-Esteri ngokuthi: “Ungacabangi enhliziyweni yakho ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunabaJuda bonke. Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo, wena nendlu kayihlo nibhubhe. Ngubani okwaziyo, uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?” U-Esteri wayesesho ukuba kubuyiselwe impendulo kuMoridekayi yokuthi: “Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.” Wayesehamba uMoridekayi, wenza njengakho konke u-Esteri amyale ngakho.
U-Esteri 4:12-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bamtshela uMoridekayi amazwi ka-Esteri. UMoridekayi wayeseyala ukuba kuphendulwe u-Esteri: “Ungacabangi ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunawo wonke amaJuda. Ngokuba uma nithula impela ngalesi sikhathi, kuyakuvela ukwandiswa nokusindiswa kwabaJuda kwenye indawo; kepha wena nendlu kayihlo niyakuchithwa; Ngubani owaziyo ukuthi ungene embusweni isikhathi esinjengalesi na? U-Esteri wayesethi kuMoridekayi: Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha. UMoridekayi wahamba, wenza njengalokho u-Esteri emyalile.