Kwabase-Efesu 5:25-29

Kwabase-Efesu 5:25-29 CZB24

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo; ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi; ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici. Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.