Kwabase-Efesu 5:25-29

Kwabase-Efesu 5:25-29 ZUL20

Madoda, thandani omkenu, njengalokhu noKhristu elithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo, ukuba alingcwelise, alihlambulule ngokuligeza ngamanzi, nangezwi, ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala. Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kunalokho uyawondla, awuphathe kahle, njengalokhu noKhristu enza kulo ibandla