Umshumayeli 2:12-16

Umshumayeli 2:12-16 CZB24

Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula; ngoba umuntu oza emva kwenkosi angenzani? lalokho osekwenziwe. Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengokukhanya kudlula ubumnyama. Amehlo ohlakaniphileyo asekhanda lakhe; kodwa isiwula sihamba ebumnyameni, futhi mina ngokwami ngibonile ukuthi isenzakalo sinye sehlela bonke. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula, kuyangehlela nakimi; futhi kungani ngangihlakaniphe? Ngase ngithi enhliziyweni yami nalokhu kuyize. Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo ngaphezu kwesiwula kuze kube phakade; ngokuba lokho okuzayo ngalezi zinsuku kuyakukhohlakala konke. Futhi ufa kanjani ohlakaniphileyo? kunesiwula.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Umshumayeli 2:12-16