Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula; ngoba umuntu oza emva kwenkosi angenzani? lalokho osekwenziwe. Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengokukhanya kudlula ubumnyama. Amehlo ohlakaniphileyo asekhanda lakhe; kodwa isiwula sihamba ebumnyameni, futhi mina ngokwami ngibonile ukuthi isenzakalo sinye sehlela bonke. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula, kuyangehlela nakimi; futhi kungani ngangihlakaniphe? Ngase ngithi enhliziyweni yami nalokhu kuyize. Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo ngaphezu kwesiwula kuze kube phakade; ngokuba lokho okuzayo ngalezi zinsuku kuyakukhohlakala konke. Futhi ufa kanjani ohlakaniphileyo? kunesiwula.
Funda Umshumayeli 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Umshumayeli 2:12-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo