UMshumayeli 2:12-16

UMshumayeli 2:12-16 ZUL20

Ngase ngibuye ngicabangisisa ngokuhlakanipha, ngobuhlanya nangobuwula, ngokuba angenzani lowo ongaphansi kwenkosi na? Ngaphandle kwalokho osekuvele kwenziwe. Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama. Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize. Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nesiwula, ngoba ngokuhamba kwezinsuku, bobabili bayalibaleka. Kungenzeka kanjani ukuthi ohlakaniphile afe njengesiwula na?

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UMshumayeli 2:12-16

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo