UmShumayeli 2:12-16

UmShumayeli 2:12-16 ZUL59

Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula, ngokuba angenzani umuntu olandela inkosi ngaphandle kwalokho okwenziweyo ngaphambili na? Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama. Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize. Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UmShumayeli 2:12-16

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo