KwabaseKolose 4:1-6

KwabaseKolose 4:1-6 CZB24

Makhosi, yiphani izinceku zenu ukulunga nokulingana; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini. Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga; nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo; ukuze ngibonakalise, njengoba kufanele ngikhulume. Hambani ngokuhlakanipha kwabangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.