KwabaseKholose 4:1-6

KwabaseKholose 4:1-6 ZUL20

Makhosi, ziphatheni kahle nangokufaneleyo izinceku zenu, nikhumbule ukuthi nani nineNkosi ezulwini. Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga. Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo, ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.