KwabaseKolose 4:1-6

KwabaseKolose 4:1-6 ZUL59

Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini. Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo, ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.