KwabaseKolose 2:8-12

KwabaseKolose 2:8-12 CZB24

Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu. Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba. Nina niphelele kuye, eyinhloko yakho konke ukubusa namandla; Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu. Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKolose 2:8-12