KwabaseKolose 2:8-12

KwabaseKolose 2:8-12 ZUL59

Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu; nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla, enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu; nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKolose 2:8-12