KwabaseKolose 2:8-12
KwabaseKolose 2:8-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu. Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba. Nina niphelele kuye, eyinhloko yakho konke ukubusa namandla; Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu. Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.
KwabaseKolose 2:8-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu. Nina niphelelisiwe kuye, oyinhloko yemibuso yonke namandla, enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu; nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.
KwabaseKolose 2:8-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu; nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla, enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu; nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.
KwabaseKolose 2:8-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)