IzEnzo 8:1-8

IzEnzo 8:1-8 CZB24

Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli. Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Ngakho abahlakazekileyo bahamba betshumayela ilizwi. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye lokho uFiliphu ayekukhuluma, zizwa futhi zibona izibonakaliso azenzayo. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa. Kwaba khona intokozo enkulu kulowo muzi.

Funda IzEnzo 8

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 8:1-8