IzEnzo 8:1-8

IzEnzo 8:1-8 ZUL59

Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa; kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.

Funda IzEnzo 8

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 8:1-8