IZenzo 8:1-8

IZenzo 8:1-8 ZUL20

USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela. Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu. Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele. Abahlakazekileyo bahamba beshumayela izwi levangeli. UFiliphu wehlela emzini eSamariya, wabashumayeza uKhristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakushiwo nguFiliphu, zizwa, futhi zibona izibonakaliso ayezenza. Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.

Funda IZenzo 8

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 8:1-8