IzEnzo 17:22-31

IzEnzo 17:22-31 CZB24

UPawuli wema phakathi kwentaba yaseMars, wathi: Madoda aseAthene, ezintweni zonke ngiyabona ukuthi likholwa kakhulu. Ngokuba ngithe ngidlula ngibuka izinto enizikhonzayo, ngathola i-altare elilotshiwe ukuthi: KUNKULUNKULU ONGAZIWAYO. Ngakho-ke lowo enimkhonza ngokungazi, nguyena engimemezela kini. UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena eyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla; Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke; Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo; ukuze bayifune iNkosi, mhlawumbe bayiphuthaze, bayithole, nakuba ingekude kulowo nalowo kithi; Ngokuba kuye siphila, siyanyakaza, sikhona; njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo ukuthi: Ngokuba nathi siyinzalo yakhe. Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele sicabange ukuthi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngobuciko nangesu lomuntu. Nezikhathi zokungazi uNkulunkulu wazishaya indiva; kepha manje uyala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke; Ngokuba umisile usuku, ayokwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngalowo muntu ammisile; enike bonke isiqinisekiso ngokumvusa kwabafileyo.

Funda IzEnzo 17