IzEnzo 17:22-31

IzEnzo 17:22-31 ZUL59

UPawulu wema-ke phakathi ne-Areyophagu, wathi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu. Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini. “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla; futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke; wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo, ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi. ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’ “Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu. Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke, njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”

Funda IzEnzo 17