IZenzo 17:22-31

IZenzo 17:22-31 ZUL20

UPawula wema phakathi ne-Areyophagu, wathi: “Madoda ase-Athene, ngibona kahle ngakho konke enikwenzayo ukuthi ningabantu abakholwayo. Ngokuba ngithe ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ngisho ne-althare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWA. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho kanye lokhu engishumayela ngakho kini. “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla, futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke. Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo, ukuze zimfune uNkulunkulu, mhlawumbe zingase zimphumputhe, zimfumane; ingani akakude kulowo nalowo wethu. ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi sibozalo lwakhe.’ “Ngakho-ke njengalokhu singabozalo lukaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, izinto eziqoshwe ngekhono nangesu lomuntu. Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke, ngokuba umisile usuku azakwehlulela ngalo izwe ngokulunga, ngomuntu ammisele khona, lapho enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”

Funda IZenzo 17