IzEnzo 16:22-34

IzEnzo 16:22-34 CZB24

Isixuku sabavukela, nezinduna zayala ukuba bashaywe. Sebebashayile imivimbo eminingi, babaphonsa etilongweni, bayala umgciniziboshwa ukuba abagcine ngokunesizotha; yena esemukele umyalo onjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa. Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke. Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, ebona iminyango yetilongo ivulekile, wahosha inkemba yakhe, efuna ukuzibulala, ngokuthi iziboshwa zibalekile. Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke. Wasebiza isibane, wagijimela phakathi, weza ethuthumela, wawa phambi kukaPawuli loSila. Wabakhiphela phandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na? Basebesithi: Kholwa yiNkosi uJesu, njalo uzasindiswa wena lendlu yakho. Base bekhuluma kuye izwi leNkosi nakubo bonke ababesendlini yakhe. Wabathatha ngaso leso sikhathi sobusuku, wabageza imivimbo; wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe. Wabangenisa endlini yakhe, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.

Funda IzEnzo 16

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 16:22-34