IZenzo 16:22-34

IZenzo 16:22-34 ZUL20

Isixuku sabavukela, izinduna zayalela ukuba bakhunyulwe izingubo, bashaywe ngezinduku. Sebebashayile imivimbo eminingi, bagqunywa etilongweni. Izinduna zayala umgciniziboshwa ukuba abaqaphelisise impela. Kwathi eseyalwe kanjalo, qede wabafaka ejele elingaphakathi, wabophela izinyawo zabo ogongolweni. Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele. Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka. Umgciniziboshwa esephapheme, wabona iminyango yejele ivulekile, wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wayecabanga ukuthi iziboshwa zeqile. Kepha uPawula wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.” Wayesethi akulethwe izibani, wagijima ethuthumela, wangena ngaphakathi, wafike wazilahla phambi kukaPawula noSila. Wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Banumzane, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?” Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa, wena nendlu yakho.” Base bekhuluma ngezwi likaNkulunkulu kuye nakubo bonke ababesendlini yakhe. Wabathatha khona ebusuku, wabageza amanxeba, yena wabhabhadiswa nabo bonke abendlu yakhe, wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.

Funda IZenzo 16

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 16:22-34

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo