IzEnzo 16:22-34
IzEnzo 16:22-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Isixuku sabavukela, nezinduna zayala ukuba bashaywe. Sebebashayile imivimbo eminingi, babaphonsa etilongweni, bayala umgciniziboshwa ukuba abagcine ngokunesizotha; yena esemukele umyalo onjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa. Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke. Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, ebona iminyango yetilongo ivulekile, wahosha inkemba yakhe, efuna ukuzibulala, ngokuthi iziboshwa zibalekile. Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke. Wasebiza isibane, wagijimela phakathi, weza ethuthumela, wawa phambi kukaPawuli loSila. Wabakhiphela phandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na? Basebesithi: Kholwa yiNkosi uJesu, njalo uzasindiswa wena lendlu yakho. Base bekhuluma kuye izwi leNkosi nakubo bonke ababesendlini yakhe. Wabathatha ngaso leso sikhathi sobusuku, wabageza imivimbo; wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe. Wabangenisa endlini yakhe, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
IzEnzo 16:22-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Isixuku sabavukela, izinduna zayalela ukuba bakhunyulwe izingubo, bashaywe ngezinduku. Sebebashayile imivimbo eminingi, bagqunywa etilongweni. Izinduna zayala umgciniziboshwa ukuba abaqaphelisise impela. Kwathi eseyalwe kanjalo, qede wabafaka ejele elingaphakathi, wabophela izinyawo zabo ogongolweni. Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele. Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka. Umgciniziboshwa esephapheme, wabona iminyango yejele ivulekile, wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wayecabanga ukuthi iziboshwa zeqile. Kepha uPawula wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.” Wayesethi akulethwe izibani, wagijima ethuthumela, wangena ngaphakathi, wafike wazilahla phambi kukaPawula noSila. Wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Banumzane, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?” Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa, wena nendlu yakho.” Base bekhuluma ngezwi likaNkulunkulu kuye nakubo bonke ababesendlini yakhe. Wabathatha khona ebusuku, wabageza amanxeba, yena wabhabhadiswa nabo bonke abendlu yakhe, wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
IzEnzo 16:22-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku; sezibashayile imivimbo eminingi, zabaphonsa etilongweni, zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela; yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa; kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke. Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, wabona iminyango yetilongo ivulekile; wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wathi iziboshwa ziphunyukile. Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.” Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi ethuthumela, wawa phansi phambi kukaPawulu noSila, wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?” Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.” Base bemshumayeza izwi likaNkulunkulu, yena nabo bonke ababesendlini yakhe. Wabathatha ngaso leso sikhathi sasebusuku, wabageza imivimbo, wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe, wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
IzEnzo 16:22-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)