IzEnzo 16

16
IzEnzo 16
1Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.
2owayefakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nase-Ikoniyu.
3yena uPawulu wathanda ukuba ahambe naye; wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekulezo zindawo, ngokuba bonke babazi ukuthi uyise ungumGreki.
4Kwathi bedabula imizi, babanika izimiso ezamiswa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine.
5Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla.
6Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;
7Sebefikile eMisiya balinga ukungena eBhithiniya, kodwa uMoya kabavumelanga.
8Sebedlula eMisiya behlela eTrowa.
9Kwabonakala umbono kuPawulu ebusuku; kwakumi indoda yaseMakedoniya, imncenga, ithi: Welela eMakedoniya, usisize.
10Esewubonile umbono, sahle sazama ukuya eMakedoniya, sesibonile impela ukuthi iNkosi isibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo.
11Ngakho sasuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotraki, ngangomuso safika eNeyapholi;
12Sisuka lapho saya eFiliphi, umuzi oyinhloko yesifunda saseMakedoniya, uyikoloni; sahlala izinsuku ezithile kulowo muzi.
13Kwathi ngesabatha saphumela ngaphandle komuzi ngasemfuleni, lapho okwakumelwe ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kwabesifazane ababebuthene khona.
14Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, womuzi waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, wasizwa, onhliziyo yakhe iNkosi yayivula ukuba alalele okwakhulunywa nguPawulu.
15Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela.
16Kwasekusithi siyakukhuleka, intombazana ethile eyayilomoya wokubhula yasihlangabeza, eyayizuzela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.
17Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezishumayela kithi indlela yensindiso.
18Wakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu edabukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala ngegama likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Waphuma ngaso leso sikhathi.
19Abaphathi bakhe sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo seliphelile, babamba oPawulu noSila, babadonsela esigcawini kubaphathi;
20Wabayisa ezinduneni, wathi: Laba bantu bengamaJuda bawuhlupha kakhulu umuzi wakithi.
21futhi bafundisa amasiko esingavunyelwe ukuba siwamukele kumbe siwenze, singamaRoma.
22Isixuku sabavukela, nezinduna zayala ukuba bashaywe.
23Sebebashayile imivimbo eminingi, babaphonsa etilongweni, bayala umgciniziboshwa ukuba abagcine ngokunesizotha;
24yena esemukele umyalo onjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni.
25Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.
26Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.
27Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, ebona iminyango yetilongo ivulekile, wahosha inkemba yakhe, efuna ukuzibulala, ngokuthi iziboshwa zibalekile.
28Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.
29Wasebiza isibane, wagijimela phakathi, weza ethuthumela, wawa phambi kukaPawuli loSila.
30Wabakhiphela phandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?
31Basebesithi: Kholwa yiNkosi uJesu, njalo uzasindiswa wena lendlu yakho.
32Base bekhuluma kuye izwi leNkosi nakubo bonke ababesendlini yakhe.
33Wabathatha ngaso leso sikhathi sobusuku, wabageza imivimbo; wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe.
34Wabangenisa endlini yakhe, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
35Kwathi sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zithi: “Khulula labo bantu;
36Umgciniziboshwa wabikela uPawulu lawo mazwi, wathi: “Izinduna zithumele ukuba nikhululwe;
37Kepha uPawulu wathi kubo: “Basishayile obala singalahlwanga cala, thina singamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? cha impela; kodwa mabeze bona basikhiphe.
38Izikhonzi zakhuluma lawo mazwi ezinduneni, zesaba zizwa ukuthi bangamaRoma.
39Beza babancenga, babakhipha, babacela ukuba baphume emzini.
40Base bephuma etilongweni, bangena endlini kaLidiya; sebebonile abazalwane, babaduduza, bamuka.

Okuqokiwe okwamanje:

IzEnzo 16: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo