IzEnzo 15:36-41

IzEnzo 15:36-41 CZB24

Kwathi emva kwezinsuku ezithile uPawulu wathi kuBarnabasi: “Asibuye sihambele abazalwane bethu emizini yonke esishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi banjani. UBarnabasi wazimisela ukuhamba noJohane othiwa uMarku. Kepha uPawulu akabonanga kukuhle ukumthatha, ahambe nabo, yena owabashiya ePhamfiliya, akaya nabo emsebenzini. Kwaba khona ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana, uBarnabasi wamthatha uMarku, waya eKhupro ngomkhumbi; UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu. Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Funda IzEnzo 15