IZenzo 15:36-41

IZenzo 15:36-41 ZUL20

Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” UBharnabha yena wanquma ukuhamba noJohane okuthiwa uMakhu. Kepha uPawula waqinisa ukuthi akufanele bahambe nalowo owabashiya ePhamfiliya, akaze ahamba nabo ukuyosebenza. Kwaba khona ukuphikisana okunzima, baze bahlukana: uBharnabha wahamba noMakhu, wawelela naye eKhuphro ngomkhumbi. UPawula wazikhethela uSila, bahamba benikelwe emseni weNkosi ngabazalwane. Wadabula eSiriya naseKhilikhiya, ehamba eqinisa amabandla.

Funda IZenzo 15