IzEnzo 15:36-41

IzEnzo 15:36-41 ZUL59

Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku. Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini. Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi. Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi. Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Funda IzEnzo 15