Kuyakuthi lapho izinsuku zakho sezigcwalisekile, usulala koyihlo, ngiyakuvusa inzalo yakho emva kwakho, eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Nguye ozakwakhela ibizo lami indlu, njalo ngizaqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kuze kube nininini. Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu; Kepha umusa wami awuyikusuka kuye, njengalokho ngawususa kuSawule, engawususa phambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini.
Funda 2 Samuweli 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 Samuweli 7:12-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo