2 uSamuweli 7:12-16
2 uSamuweli 7:12-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe. Nguye oyakukwakhela iGama lami indlu; ngiyakusiqinisa isihlalo sombuso wakhe kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu. Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”
2 uSamuweli 7:12-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kuyakuthi lapho izinsuku zakho sezigcwalisekile, usulala koyihlo, ngiyakuvusa inzalo yakho emva kwakho, eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Nguye ozakwakhela ibizo lami indlu, njalo ngizaqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kuze kube nininini. Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu; Kepha umusa wami awuyikusuka kuye, njengalokho ngawususa kuSawule, engawususa phambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini.
2 uSamuweli 7:12-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu, kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ”