2 uSamuweli 7:12-16

2 uSamuweli 7:12-16 ZUL59

Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu, kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 uSamuweli 7:12-16