2 Samuweli 22:1-25

2 Samuweli 22:1-25 CZB24

UDavide wakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emkhulula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule; Wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomsindisi wami; Nkulunkulu wedwala lami; ngithembele kuye: uyisihlangu sami nophondo lwensindiso yami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami, umsindisi wami; Uyangisindisa ebudloveni. Ngiyakumbiza uJehova ofanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami. Lapho amaza okufa engihaqa, izikhukhula zababi zangethusa; Izinhlupheko zesihogo zangizungeza; izingibe zokufa zangivimbezela; Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami, walizwa izwi lami ethempelini lakhe, ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe. Umhlaba wazamazama, wazamazama; izisekelo zezulu zanyakaza, zazamazama, ngokuba wayethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswe ngakho. Wawathoba amazulu, wehla; nobumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza, wabonakala emaphikweni omoya. Wamisa ubumnyama baba ngamathende akhe nxazonke, amanzi amnyama namafu ezulu. Amalahle omlilo avutha ngokukhazimula phambi kwakhe. UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe. Wathuma imicibisholo, wabahlakaza; umbani, wabadunga. Kwabonakala imisele yolwandle, izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova ngokuphephetha komoya wamakhala akhe. Wathumela ephezulu, wangibamba; Wangikhipha emanzini amaningi; Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo ababengizonda, ngokuba babenamandla kunami. Bangivimbezela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Wangikhipha wangiyisa endaweni enkulu; Wangisindisa, ngokuba wayethokozile ngami. UJehova ungivuzile njengokulunga kwami; njengobumsulwa bezandla zami ungibuyisele. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi. Ngokuba zonke izimiso zakhe zaziphambi kwami, nezimiso zakhe angisukanga kuzo. Futhi ngangiqotho phambi kwakhe, ngazilinda ebubini bami. Ngakho uJehova ungibuyisele njengokulunga kwami; njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.