UDavide washo amazwi aleli hubo kuSimakade, ngosuku uSimakade amsindisa ngalo esandleni sazo zonke izitha zakhe nasesandleni sikaSawule imbala, wathi:
“USimakade uyidwala lami,
nenqaba yami,
nomkhululi wami.
UNkulunkulu uyidwala lami
engiphephela kulo,
isihlangu sami,
nophondo lwensindiso yami,
inqaba yami ephephileyo
nesiphephelo sami;
msindisi wami,
uyangisindisa ebudloveni.
Ngimemeza uSimakade
ofanele ukudunyiswa,
ngisindiswe ezitheni zami.
“Amagagasi okufa angihaqa;
izikhukhula zobubi zangisibekela.
Izintambo zendawo yabafileyo zangizungeza,
izihibe zokufa, zangehlela.
Ekuhluphekeni kwami ngambiza uSimakade,
ngambiza uNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe.
Ukukhala kwami kwafinyelela ezindlebeni zakhe.
“Umhlaba wawusuzamazama,
wandindizela;
izisekelo zezulu zathuthumela,
zaqhaqhazela, ngokuba ethukuthele.
Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe,
nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe,
namalahle avuthayo kuye.
Wadabula amazulu, wehla;
isigayegaye sobumnyama sasiphansi kwezinyawo zakhe.
Wakhwela phezu kwekherubhi, wandiza;
wabonwa emaphikweni omoya.
Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo,
amanzi aqoqane,
amafu abe nzima yimvula.
Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe
kwavutha amalahle omlilo.
USimakade waduma ezulwini;
Ophezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
Wathuma imicibisholo,
wabangquzula, yebo,
ngonyazi wabadidizelisa.
Kwembulwa izisekelo zolwandle,
nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa
ngenxa yokuthetha kukaSimakade,
nokufutha kwamakhala akhe.
Waselula isandla sakhe ephezulu,
wangibamba;
wangikhipha emanzini amaningi.
Wangisindisa esitheni sami esinamandla
nakubo abangizondayo,
ngokuba babenamandla amakhulu kunami.
Bangihlasela ngosuku engehlelwa ngalo yinhlekelele,
kodwa uSimakade waba yinsika yami.
Wangikhiphela endaweni ebanzi:
wangikhulula,
ngokuba ethokoza ngami.
“USimakade ungivuzile ngokulunga kwami,
wangibuyisela njengobumsulwa bezandla zami.
Ngizigcinile izindlela zikaSimakade;
angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
Imithetho yakhe yayiphambi kwami,
nezimiso zakhe angichezukanga kuzo.
Ngangimsulwa kuye;
ngazigcina, angenza okubi.
USimakade wangivuza ngangokulunga kwami,
nanjengokuhlanzeka kwami
phambi kwamehlo akhe.