2 USamuweli 22:1-25

2 USamuweli 22:1-25 ZUL20

UDavide washo amazwi aleli hubo kuSimakade, ngosuku uSimakade amsindisa ngalo esandleni sazo zonke izitha zakhe nasesandleni sikaSawule imbala, wathi: “USimakade uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami. UNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami ephephileyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni. Ngimemeza uSimakade ofanele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami. “Amagagasi okufa angihaqa; izikhukhula zobubi zangisibekela. Izintambo zendawo yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa, zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uSimakade, ngambiza uNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe. Ukukhala kwami kwafinyelela ezindlebeni zakhe. “Umhlaba wawusuzamazama, wandindizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela, ngokuba ethukuthele. Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe, nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, namalahle avuthayo kuye. Wadabula amazulu, wehla; isigayegaye sobumnyama sasiphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubhi, wandiza; wabonwa emaphikweni omoya. Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima yimvula. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavutha amalahle omlilo. USimakade waduma ezulwini; Ophezukonke walizwakalisa izwi lakhe. Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, ngonyazi wabadidizelisa. Kwembulwa izisekelo zolwandle, nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa ngenxa yokuthetha kukaSimakade, nokufutha kwamakhala akhe. Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba babenamandla amakhulu kunami. Bangihlasela ngosuku engehlelwa ngalo yinhlekelele, kodwa uSimakade waba yinsika yami. Wangikhiphela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ethokoza ngami. “USimakade ungivuzile ngokulunga kwami, wangibuyisela njengobumsulwa bezandla zami. Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami. Imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angichezukanga kuzo. Ngangimsulwa kuye; ngazigcina, angenza okubi. USimakade wangivuza ngangokulunga kwami, nanjengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.