2 kwabaseKorinte 6:4-10

2 kwabaseKorinte 6:4-10 CZB24

Kodwa kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ngokubekezela okukhulu, ezinhluphekweni, ebunzimeni, ekucindezelweni, Emivimbo, etilongweni, esiphithiphithini, ekukhandlekeni, nasekulindeni, nasekuzila ukudla; ngobumsulwa, ngolwazi, ngokubekezela, ebubeleni, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisiyo, Ngezwi leqiniso, ngamandla kaNkulunkulu, ngezikhali zokulunga ngakwesokunene nangakwesokhohlo; Ekuhlonitshweni nasekuhlazweni, ngemibiko emibi negama elihle, njengabakhohlisi, nokho abaqinisileyo; njengabangaziwa, kodwa baziwa kakhulu; njengabafayo, futhi, bheka, siyaphila; njengabalaywayo, njalo abangabulawanga; njengabadabukileyo, kodwa abahlezi bethokoza; njengabampofu, kepha senza abaningi bacebe; njengabangenalutho, kanti sinezinto zonke.