2 kwabaseKorinte 6

6
2 kwabaseKorinte 6
1Ngakho-ke esiyizisebenzi kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeli ize umusa kaNkulunkulu.
2(Ngokuba uthi: Ngakuzwa ngesikhathi esamukelekayo, nangosuku lwensindiso ngakusiza; bheka, manje yiso isikhathi esihle; bheka, manje yilo usuku lwensindiso.)
3Singakhubekisi ngalutho, ukuze inkonzo ingasoleki;
4Kodwa kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ngokubekezela okukhulu, ezinhluphekweni, ebunzimeni, ekucindezelweni,
5Emivimbo, etilongweni, esiphithiphithini, ekukhandlekeni, nasekulindeni, nasekuzila ukudla;
6ngobumsulwa, ngolwazi, ngokubekezela, ebubeleni, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisiyo,
7Ngezwi leqiniso, ngamandla kaNkulunkulu, ngezikhali zokulunga ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
8Ekuhlonitshweni nasekuhlazweni, ngemibiko emibi negama elihle, njengabakhohlisi, nokho abaqinisileyo;
9njengabangaziwa, kodwa baziwa kakhulu; njengabafayo, futhi, bheka, siyaphila; njengabalaywayo, njalo abangabulawanga;
10njengabadabukileyo, kodwa abahlezi bethokoza; njengabampofu, kepha senza abaningi bacebe; njengabangenalutho, kanti sinezinto zonke.
11Nina baseKorinte, umlomo wethu uvulekele kini, inhliziyo yethu yenziwe banzi.
12Anicindezelwe kithi, kodwa nixinekile ezibilinini zenu.
13Ngakho-ke kube yimbuyiselo (ngikhuluma njengakubantwana bami), yandiswani nani.
14Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo; ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunakuhlanganyela kuni ukukhanya nobumnyama na?
15UKristu unakuvumelana kuni noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?
16Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
17Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,
18Njalo ngizakuba nguYihlo, lina lizakuba ngamadodana lamadodakazi ami, itsho iNkosi uSomandla.

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseKorinte 6: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo