2 IziKronike 6:4-15

2 IziKronike 6:4-15 CZB24

Wathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owagcwalisa ngezandla zakhe lokho akukhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ethi: Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami ezweni laseGibithe, angikhethanga muzi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ngakhe indlu ukuba igama lami libe khona lapho; futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli. Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli. Kwakukhona enhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Kodwa uJehova wathi kubaba uDavida: Ngoba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela ibizo lami indlu, wenza okuhle ngoba kwakusenhliziyweni yakho. Kodwa akumelwe uyakhe indlu; kepha indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu. Ngalokho uJehova waligcwalisa izwi lakhe alikhulumayo, ngokuba ngavuka ekamelweni likababa uDavide, ngahlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli, njengalokho uJehova ethembisile, ngase ngilakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Ngawufaka kulo umphongolo, okukhona kuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwa-Israyeli. Wema phambi kwe-altare likaJehova phambi kobuso balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe. USolomoni wenza isaka lethusi, ubude balo buyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo buyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu, walumisa phakathi negceke; wema phezu kwalo, waguqa phambi kwebandla lonke. Ka-Israyeli futhi welulela izandla zakhe ezulwini, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini nasemhlabeni; ogcina isivumelwano nohawukela izinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo. Wena owagcina encekwini yakho ubaba uDavide lokho owakuthembisa kuye; futhi wakhuluma ngomlomo wakho wakugcwalisa ngesandla sakho njengoba kunjalo namuhla.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo