2 IZikhronike 6:4-15

2 IZikhronike 6:4-15 ZUL20

Yathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide, ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi: ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli, kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’ “Kwakusenhliziyweni kaDavide, ubaba, ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli indlu, kepha uSimakade wathi kuDavide, ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho. Kepha wena awuyukuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalo lwakho, yiyo eyokwakhela igama lami indlu.’ “USimakade uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba ngingenile esikhundleni sikaDavide, ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaSimakade, ngilakhele igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Ngiwubekile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaSimakade asenza nabantu bakwa-Israyeli.” USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe. USolomoni wayakhe ibhesituli lethusi, walibeka phakathi negceke: ubude balo bungamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi bona bungamakhubhithi amathathu. Wema kulo, waguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli. Welulela izandla zakhe ngasezulwini, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho uNkulunkulu emazulwini nasemhlabeni onjengawe; Wena ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho, ngayo yonke inhliziyo yazo, ogcine nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo, yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukufezile ngesandla sakho namuhla.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo