2 iziKronike 6:4-15

2 iziKronike 6:4-15 ZUL59

Yathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi: ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli ezweni laseGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli, kodwa ngikhethe iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho, ngakhetha noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’ “Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho; kepha wena awuyikwakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’ “UJehova uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kuka Jehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Ngiwumisile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwa-Israyeli.” Wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe, ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini, ethi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo, ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho usukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo