1 kuThimothewu 4:6-10

1 kuThimothewu 4:6-10 CZB24

Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile. Kodwa uyenqaba izinganekwane ezingcolile nezalukazi, futhi uzijwayeze ukumesaba uNkulunkulu. Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo. Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke. Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo.