1 kuThimothewu 4:6-10

1 kuThimothewu 4:6-10 ZUL59

Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo; kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi. Kepha zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu. Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo. Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa, ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.